Ukusebenzisana kwemiphakathi yamasiko
Leli yikhaya ku-inthanethi leqoqo lokusebenza kweqoqo labaholi bemiphakathi eyahlukahlukene evumelene ukusungula isinyathelo sokusebenzisana (inethiwekhi yemiphakathi yamasiko) ukuze ikwazi ukuhlanganyela ngokuphusile ngokuthembana nangokusebenzisana ngezindaba eziyithintayo ngokufanayo nezithize.
Joyina lesi sinyathelo
Bonke abaholi bemiphakathi yamasiko bayamenywa ngesihle ukuba babe yingxenye yalesi sinyathelo sokusebenzisana. Abaholi baphinde bamenywe futhi bakhuthazwe ukuba bacobelelane ngemibono yabo ngomnyombo wezinselelo ezibhekene nemiphakathi yamasiko kanye nezindaba okumele kugxilwe kuzo kule mizamo ukuqinisekisa ikusasa elinokuthula nenqubekela phambili lezizukulwane zamanje nezangomuso.
Uyacelwa ukuba uthinte iqoqo lokusebenza ngokuthumela i-imeyili info@peoplesdialogue.org.za.
Imvelaphi
Ukuzimbandakanya kokuqala: 4 kuNcwaba 2025
Iqoqo labaholi elivela emiphakathini yamasiko eyahlukahlukene yaseNingizimu Afrika ibambe umhlangano nge-inthanethi mhlazi-4 kuNcwaba 2025 ukuxoxisana ngalokho okungahle ukube ukusebenzisana ukulungiselela umqulu wemibono ongahle uthunyelwe kulabo okungabagqugquzeli beNkulumompendulwano kaZwelonke. Lezi zinqumo ezilandelayo zathathwa emhlanganweni:
- Abaholi bavume ukusebenzisana kulo mqulu wemibono okungoweNkulumompendulwano kaZwelonke ozoveza imibono yezwe okuwumbono oyingqayizivele womphakathi wamasiko.
- Lo mqulu wemibono uzokwethulwa esidlangaleni kungekafiki umhla we-15 kuNcwaba 2025.
- Abaholi baphinde bavume ukumemezela isinyathelo sokusebenzisana (inethiwekhi yemiphakathi yamasiko) okuzokuba yiyona ezoqala ukubhala umqulu wemibono.
- Iqoko lokusebenza lasungulwa ukuze liqale ukubhala umqulu wemibono ozogunyanzwa ngabaholi, osuselwa kulokho okuyimibono eze nabaholi emhlanganweni nasemva kokuphela komhlangano.
- Lesi sinyathelo sihlose ingomuso siphinde sedlulele ngale kokuphela kweNkulumompendulwano kaZwelonke.
Inqubekelaphambili
Iqoqo lokusebenza emva kokuthola imibono evela kubaholi yakhe uhlaka lomqulu oluyinhlanganisela yemibono engamaqoqo engaphansi kwezingqikithi ezifanayo ezitholiwe. Mhlaziyi-8 kuNcwaba 2025 abasunguli befa bamemezele ukuhoxa kuleli thimba elenza amalungiselelo eNkulumompendulwano kaZwelonke nakule Ngqugquthela yokuQala kaZwelonke eyayihlelelwe umhla we-15 kuNcwaba 2025.
Ukuzimbandakanya kwesibili: 11 kuNcwaba 2025
Umhlangano olandelayo ubanjwe ngabaholi mhlazi-11 kuNcwaba 2025 ukuxoxisana ngemibono etholiwe, uhlaka lomqulu oluyidrafti kanye nezinhlelo okumele zilandelwe, kususelwa kunqubekelaphambili. Lezi zinqumo ezilandelayo zathathwa emhlanganweni:
- Abaholi bavume ukuqhubekela phanbili nokusebenzisana kulo mqulu ozoveza umnyombo wezinselelo ezibhekene nemiphakathi yamasiko ezweni, okumele kube seqhulwini, nakuNkulumompendulwano kaZwelonke.
- Isinyathelo sokusebenzisana sizoba semthethweni ngokwakhiwa kabusha nokugunyazwa kwalo mqulu wokusungula.
- Uhlelo lwemihlangano nge-inthanethi kanye nemihlangano yobuso nobuso izolandelwa ukuphothula lokhu okungenhla.
- Imininingwane emayelana nemihlangano nezinyathelo okumele zithathwe, okumbandakanya izimemezelo emphakathini kanye nezitatimende zabemithombo yabezindaba, izolawulwa yiqoqo lokusebenza.
Umlayezo onqala
Lesi sinyathelo sokusebenzisana sithumela umlayezo onqala wokuthi imiphakathi yamasiko nabaholi bayo – okungukuthi amazwi abo ahlala angalalelwa – asezethwesa umthwalo athathe nesinyathelo sokuzimbandakanya komunye nomunye ukuze kuzuze izizukulwane zamanje nezangomuso.
Izitatimende zabemithombo yezindaba
Abaholi bemiphakathi yamasiko eyahlukahlukene kumele basebenze ngokuhlanganyela kule Nkulumompendulwano kaZwelonke nangale kwayo
Imvelaphi
Imininingwane yokuxhumana
Shiya umlayezo
"*" indicates required fields
