Imiphakathi eyahlukahlukene yamasiko isungule  inethiwekhi eyingqophamlando yokusebenzisana phakathi kwamasiko

Abaholi abavela emiphakathini eyahlukahlukene yamasiko yaseNingizimu Afrika basungule ngokusemthethweni  mhlazingama-22 kuMfumfu Inethiwekhi Yemiphakathi Yamasiko (i-CCN), isiqalo sokusebenzisana phakathi kwamasiko sokuzinikezela ekuqinisekiseni ikusasa elinokuthula nenqubekela phambili yezingane zayo yonke imiphakathi yamasiko ezweni.

I-CCN isebenza njenge nkundla yayo yonke imiphakathi yamasiko lapho izocobelelana khona ngendlela enomqondo, ngokwethembana nangokubambisana ngezindaba eziyithinta ngokuhlanganyela. I-CCN isungulwe ngokwamukela umYalo wemiThetho womhlangano we-CCN obuthanyelwe yizithunywa ezingama-38 ezivela emiphakathini yamasiko ehlukene engama-26 kuzo zonke izifundazwe ukuzokwenza kube semthemthweni umhlangano obusePitoli. Izingxoxo zalo mhlangano okungowokuqala wobuso nobuso  we-CCN ubugxile ezindikimbeni ezimbili eziqavile: ukunakwa ngokugcwele amalungelo ngokwamasiko kanye nentuthuko yezenhlalo nomnotho.

Ukusungulwa kwe-CCN kulandela ukuxoxisana okusanda kuba khona phakathi kwabaholi bamasiko ukuze isebenzisane ekwakheni umqulu okuzofakwa kuwo ukuze uthunyelwe kule Nkulumompendulwano Yezwe. Lo mqulu uzoninga ngemibono uveze umnyombo wezinselelo ezibhekene nemiphakathi yamasiko kuphinde kuhlongozwe lokho okungahle kube yizisombululo zalezi zinselelo.

Ukucobelelana ngokunaka ngokugcwele amalungelo amasiko kube nomphumela  wokubalula lezi zindawo ezilandelayo okuzogxilwa kuzo:

  • Ukuthuthukiswa nokufukulwa kwezilimi ezingakanakwa noma ezingakathuthuki ngokugcwele.
  • Ukukhuthaza ukufundisa ngolimi lwebele kwayo yonke imiphakathi yamasiko.
  • Ukukhuthaza ngokunaka ngedlela enomqondo yonke imiphakathi yamasiko, ikakhulukazi imiphakathi eyahlukene yamaKhoi-San, amaBhunu neminye imiphakathi yamasiko enganakiwe.
  • Ukusimamisa nokufukula amalungelo amasiko.
  • Ukukhuthaza ubunikazi bomhlaba bemiphakathi yamasiko.
  • Ukulondolozwa nokuthuthukiswa kwamagugu nezindawo ezingamagugu.

Ukucobelelana ngentuthuko kwezenhlalo nomnotho kube nomphumela wokubalula lezi zindawo ezilandelayo okuzogxilwa kuzo:

  • Ukuhlonza nokusungula izikhungo ezifanele zemiphakathi yamasiko ukuze zengamele umhlaba netayitele ngokwazo.
  • Ukuthola izindlela zemiphakathi yamasiko zokuba zizuze ngokufanele kwezimbiwa neminye imisebenzi yezentengiselwano emhlabeni yawo.
  • Ukusebenzisana nasekusunguleni ubudlelwano bokuhlela, ukwenza amaphrojekthi, nakwezezimali.
  • Ukukhuthaza ezemfundo, ukuqeqesha nokwabiwa kwamakhono.
  • Ukuqinisa ukuzimelela nokuzimela ngokuvula amathuba omhlaba kusetshenziswa ezolimo nokunye ukuthuthuka kwezentengiselwano ngendlela enobudlelwano.
  • Ukufundisana ngezimpumelelo zomunye nomunye.

Izithunywa ezivela kule miphakathi yamasiko elandelayo zibambe iqhaza kulokhu kucobelelana: ama-Afrikaner angamaNama, AmaBhunu e-AfriForum ne-Solidarity Movement, AmaBhele AseLenge, ama-Amaquas angamaNama, AmaQwathi, aBakaMawewe, aBakgatla Ba Kgafela, aBakgatla Ba Moshetla, aBatlharo Boo Tokwana Ba Ga Masibi, aBarolong Boo Seleka, amaDanster Korana, amaLebelo, ama-Links Korana, aMahumani, aMajeje, aMakholokoe, aMalangeni, abakaMandlakazi, aMarishane, ama-Ovaherero, abakaPhaahla, ama-Taaibosch Korana, ama-Waterboer Griqua, amaXam Kei Korana kanye nama-Yzerbeck Korana. Ngaphezu kwalokho neminye imiphakathi yamasiko ibimelwe ngezinye izithameli.

I-CCN imema zonke izinhlangano zamasiko, izinhlangano zemiphakathi, izinhlaka zobuholi bomdabu, izinhlangano ezimele imiphakathi, kanye nezinye izikhungo ezimele imiphakathi yamasiko ukuba zizohlanganyela kulo mzamo oyingqophamlando ukuqinsekisa inqubekela phambili nokuhlalisana ngokuthula kwemiphakathi yamasiko esemazingeni aphansi.